... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Isijeziso Osikhiphayo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaLukha 6:37 “Ningahluleli, khona anisoze nahlulelwa;ningalahli, khona anisoze nalahlwa; thethelelani, khona niyakuthethelelwa.

Listen to the radio broadcast of

Isijeziso Osikhiphayo


Download audio file

Ubhekana kanjani nabantu abenza izinto ezi wrong?  Ubhekana  kanjani nalabo abakulimazile ,abangakuthandi ,abakucwasayo ndlela thizeni ?  Wenzenjani ingempela ?

Imvamisa iba yini impendulo yethu?  Isijeziso .Kuzwakala sengathi ngiyawuhlohloloza lombuzo kuwe? Hlala nami .

Uma umuntu ekuchukuluzile angithi uyahamba uthole i-back up yakho ? Kuncika ekutheni unobubele ,umnene kumbe ungumuntu ongacucuzi umuntu umqonda ngqo ,kukabili ungazizwa ulimele qede udede  okukanye umphindisele ngezakhe lomuntu .

Noma ngayiphi indlela ophendula ngayo ,ekujuleni uzobalahla ngecala ,uthole indlela yokubajezisa .Mhlawumbe uzovese uqhele ngokuphelele ,kumbe uzoqhubeka ucabanga izinto ezimbi ngabo , uzobabukela phansi ,ukhulume kabi ngabo ,utshele abanye bangebethembi.

Kunokuhlukahlukana ongaphendula ngakho ,kodwa noma yikuphi okukhethayo ,kubandakanya ukufuna ukuziphindisela ,ukubanika lokhu ngokwakho ,okubafanele .

Ngaphandle uma …..yebo nangu uJesu kuloludaba kanye  :

NgokukaLukha 6:37 “Ningahluleli, khona anisoze nahlulelwa;ningalahli, khona anisoze nalahlwa; thethelelani, khona niyakuthethelelwa.

Mhlawumbe yindima yezibhalo edumile kuwe le,kodwa kukangaki uyifaka ngokwesimo la kunabakulimazile khona ,abakuphathe kabi ? UJesu ukhuluma ebudlelwaneni bakho ngokunamandla namhlanje ngalabobantu .

Ungabahluleli ,ungabalahli ,kodwa bathethelele .Ngoba kunemiphumela yalokhu kuwe nami,hhayi nje kuphela ngobudlelwane bethu nalababantu ,hhayi nje kuphela ngokuphila kwethu okuphelele,kodwa ekutheni uNkulunkulu naye uzosiphatha ngokufanayo .Funda ukuthethelela  .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.